10 Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeliemva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,ngibe nguNkulunkulu wabo,bona babe ngabantu bami.
11 Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo,nalowo umfowabo, ngokuthi:‘Yazi INkosi;’ngokuba bonke bayakungazi,kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.
12 Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,nezono zabo angisayikuzikhumbula.”
13 Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.