16 Ngokuba lapho kukhona itestamente*, kufuneka ukuba kubikwe ukufa kowalenzayo;
17 ngokuba itestamente* lisebenza sekufiwe, ngokuba alize lingaba namandla esekhona owalenzayo.
18 Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi.
19 Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke,
20 ethi: “Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu.”
21 Netabernakele* futhi, nezitsha zonke zenkonzo wakufafaza kanjalo ngegazi.
22 Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.