3 ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele* elithiwa elingcwelengcwele,
4 eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana*, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;
5 phezu kwawo kwakukhona amakherubi* enkazimulo engamele isihlalo somusa, okungenakukhulunywa ngakho ngakunye manje.
6 Kepha lezo zinto zilungisiwe ngokunjalo, abapristi bangena njalo etabernakele* lokuqala befeza izinkonzo,
7 kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,
8 uMoya oNgcwele etshengisa lokhu ukuthi ayikabonakaliswa indlela eya endaweni engcwele, lisemi itabernakele* lokuqala,
9 elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje, okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza,