6 Kepha lezo zinto zilungisiwe ngokunjalo, abapristi bangena njalo etabernakele* lokuqala befeza izinkonzo,
7 kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,
8 uMoya oNgcwele etshengisa lokhu ukuthi ayikabonakaliswa indlela eya endaweni engcwele, lisemi itabernakele* lokuqala,
9 elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje, okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza,
10 kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.
11 Kepha lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele* elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa,
12 wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.