30 Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu.
31 Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.
32 “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini;
33 kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.
34 “Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.
35 Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala.
36 Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.