Ngokukamathewu 20 ZUL59

Izisebenzi zesivini

1 “Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.

2 Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.

3 “Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho;

4 nakubo wathi: ‘Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’

5 Baya-ke.“Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo.

6 Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi, wathi kubo: ‘Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?’

7 “Bathi kuye: ‘Ngokuba akakho osiqashileyo.’“Wathi kubo: ‘Hambani nani, niye esivinini.’

8 “Kepha selishonile, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’

9 “Kuthe befika abehora leshumi nanye, kwaba yilowo nalowo wamukela udenariyu.*

10 Sekuza abokuqala, bathi bazakwamukela okukhulu; kepha nabo bamukela udenariyu* ngabanye.

11 Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu,

12 bathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora linye nje, ubalinganise nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.’

13 “Waphendula, wathi komunye wabo: ‘Mngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu* na?

14 Thatha okwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lo wokugcina njengawe.

15 Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?’

16 “Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina.”

UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe

17 Kwathi uJesu esezakwenyukela eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, wagudluka nabo; besesendleleni, wathi kubo:

18 “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife,

19 bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”

UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu

20 Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.

21 Yena wathi kuye: “Ufunani na?”Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.”

22 UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?”Bathi kuye: “Singakwenza.”

23 Wathi kubo: “Yebo, nizakusiphuza isitsha sami, kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.”

24 Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili.

25 Kepha uJesu wababiza, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.

26 Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu;

27 nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu,

28 njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”

UJesu usiza izimpumputhe ezimbili ukuba zibone

29 Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela.

30 Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

31 Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule, kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

32 UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”

33 Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.”

34 UJesu waba nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28