Ngokukamathewu 8 ZUL59

UJesu uphilisa umuntu onochoko

1 Kwathi esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi.

2 Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”

3 Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe.

4 UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”

Ukuphulukiswa kwenceku yenduna

5 Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi:

6 “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.”

7 Wathi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.”

8 Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.

9 Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”

10 UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu.

11 Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu,

12 kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”

13 UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi.

Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa

14 UJesu wayesengena endlini kaPetru, wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane.

15 Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza.

16 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,

17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:“Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu,wathwala izifo zethu.”

Ukumlandela uJesu

18 Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya.

19 Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”

20 UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

21 Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”

22 Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.”

Ukuthuliswa kwesivunguvungu

23 Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela.

24 Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele.

25 Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.”

26 Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.

27 Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?”

Ukukhishwa kwamademoni

28 Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela.

29 Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”

30 Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile.

31 Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.”

32 Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini.

33 Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni.

34 Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28