39 Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
40 “Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo.
41 Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.
42 Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”