4 noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
5 Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi:“Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;
6 kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.
7 Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’
8 Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.
9 Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu,
10 nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.