2 Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe,
3 wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”
4 UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi:
5 Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
6 ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”
7 Kepha sebemuka laba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?
8 Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi.