11 Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?
12 Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”
13 Khona wathi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, sasinda saba njengesinye.
14 Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.
15 Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.
16 Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi,
17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: