14 Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.
15 Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.
16 Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi,
17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
18 “Bheka, inceku yami engiyikhethileyo,othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami,ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe,amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.
19 Akayikubanga, akayikubangalasa,akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini.
20 Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,umongo othunqayo akayikuwucima,aze aphumelelise ukwahlulela,kunqobe.