33 “Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.
34 Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
35 Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.
36 Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
37 Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.”
38 Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.”
39 Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.