45 Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.”
46 Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
47 Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.”
48 Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: “Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?”
49 Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Bhekani nangu umame nabafowethu.
50 Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”