6 Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’
7 Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala.
8 Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”
9 Wamuka lapho, wangena esinagogeni* labo.
10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” -- ukuze bammangalele.
11 Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?
12 Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”