13 Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi.
14 Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi:“ ‘Ngokuzwa niyakuzwa,ningaze naqonda;ngokubona niyakubona,ningaze nabonisisa;
15 ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni,bezwa kanzima ngezindlebe,amehlo abo bawacimezile,funa mhlawumbe babone ngamehlo,bezwe ngezindlebe,baqonde ngenhliziyo, baphenduke,ngibaphulukise.’
16 “Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa.
17 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.
18 “Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli.
19 Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni.