35 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi:“Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso,ngiphimisele okufihlakeleyo,selokhu kwasekelwa umhlaba.”
36 Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.”
37 Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu;
38 insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;
39 kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.
40 Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.
41 INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,