46 eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.
47 “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo;
48 lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla.
49 Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,
50 zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
51 “Nikuqondile konke lokho na?”Bathi kuye: “Yebo.”
52 Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”