54 Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni* labo, baze bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?
55 Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na?
56 Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?”
57 Bakhubeka ngaye.Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.”
58 Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.