1 Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki* waluzwa udumo lukaJesu,
2 waze wathi ezincekwini zakhe: “Lo nguJohane uMbhapathizi; yena uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.”
3 Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo,
4 lokhu uJohane wayethe kuye: “Awuvunyelwe ube naye.”
5 Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi.
6 Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode,
7 kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela.