10 yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.
11 Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina.
12 Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu.
13 Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.
14 Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.
15 Selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.”
16 Kepha uJesu wathi kubo: “Akuswelekile ukuba bamuke; bapheni nina ukudla.”