24 Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.
25 Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.
26 Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.
27 Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
28 UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”
29 Wayesethi: “Woza.”Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.
30 Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”