6 Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode,
7 kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela.
8 Yona isifundisiwe ngunina yathi: “Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
9 Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe,
10 yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.
11 Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina.
12 Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu.