7 kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela.
8 Yona isifundisiwe ngunina yathi: “Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
9 Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe,
10 yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.
11 Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina.
12 Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu.
13 Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.