1 Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi:
2 “Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.”
3 Kepha waphendula, wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?
4 Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa.’
5 Kepha nina nithi: ‘Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,’
6 akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.