5 Kepha nina nithi: ‘Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,’
6 akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.
7 Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi:
8 ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;
9 kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”
10 Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde.
11 Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”