13 Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.
14 Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe,
15 wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.
16 Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”
17 UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”
18 UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.
19 Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”