10 Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.
11 Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.
12 “Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?
13 Athi uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga.
14 Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.
15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.
16 Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.