23 Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.
24 Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
25 Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: “Pho, kungasindiswa bani na?”
26 Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
27 Khona uPetru wathatha wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?”
28 Wathi kubo uJesu: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
29 Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.