16 Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.
17 Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngoJeremiya umprofethi ukuthi:
18 “Kwezwakala izwi eRama,ukukhala nokulila okukhulu,uRakheli ekhalela abantwana bakhe,engavumi ukududuzwa, ngokuba abasekho.”
19 Kepha uHerode esefile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi:
20 “Vuka uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.”
21 Wasuka-ke, wathabatha umntwana nonina, wafika ezweni lakwa-Israyeli.
22 Kepha ezwa ukuthi sekubusa u-Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile;