14 Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.
15 Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka,
16 bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?”UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?”
17 Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.
18 Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba.
19 Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.
20 Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?”