2 wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi.
3 Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.”
4 Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi:
5 “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoniukuthi:Bheka, iNkosi yakho iza kuwe,imnene, ikhwele embongolweni,yebo, etholeni,inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”
6 Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile,
7 baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo.
8 Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.