27 Base bemphendula uJesu, bethi: “Asazi.”Wayesethi kubo naye: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”
28 “Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.’
29 “Yaphendula yathi: ‘Angithandi;’ kodwa ngasemuva yaguquka, yaya.
30 “Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: ‘Ngiyaya, nkosi;’ kepha kayiyanga.
31 “Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?”Bathi kuye: “Eyokuqala.”UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.
32 Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.”
33 “Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.