42 UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi:“ ‘Itshe abalinqabayo abakhilona laba yinhloko yegumbi;lona lavela eNkosini;liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?
43 “Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.
44 Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”
45 Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe bazi ukuthi ukhuluma ngabo.
46 Base befuna ukumbamba; kepha bazesaba izixuku, ngokuba zazithi ungumprofethi.