8 Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.
9 Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:“Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.Hosiyana kweliphezulu!”
10 Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?”
11 Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”
12 UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
13 Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ”
14 Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.