21 Bathi: “NgokaKesari.”Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
22 Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka.
23 Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza
24 bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’
25 Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo.
26 Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa.
27 Emva kwabo bonke wafa umfazi.