23 Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza
24 bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’
25 Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo.
26 Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa.
27 Emva kwabo bonke wafa umfazi.
28 Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?”
29 Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.