2 wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.
3 Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi;
4 babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.
5 “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.
6 Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni,*
7 nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.
8 “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.