5 “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.
6 Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni,*
7 nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.
8 “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.
9 Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.
10 Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.
11 Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu.