7 nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.
8 “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.
9 Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.
10 Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.
11 Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu.
12 Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.
13 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.