14 Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.
15 “Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele -- ofundayo makaqaphele --
16 khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,
17 ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,
18 osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.
19 Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!
20 Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha.