23 Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa.
24 Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.
25 Bhekani, senginitshelile ngaphambili.
26 “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa;
27 ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
28 Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.
29 “Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku“ ‘ilanga liyakufiphazwa,nenyanga ayiyikukhanya,nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini,namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’