28 Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.
29 “Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku“ ‘ilanga liyakufiphazwa,nenyanga ayiyikukhanya,nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini,namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’
30 “Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.
31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.
32 “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.
33 Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.
34 Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.