3 Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?”
4 UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu.
5 Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKristu,’ badukise abaningi.
6 Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.
7 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
8 Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo.
9 “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.