36 “Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.
37 Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
38 Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,
39 abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
40 Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe;
41 ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe.
42 “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.