46 Ibusisiwe leyo nceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo.
47 Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho.
48 Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’
49 iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa,
50 inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo,
51 iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.