1 “Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.
2 Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile.
3 Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha.
4 Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo.
5 Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala.
6 “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’
7 “Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo.