12 “Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’
13 “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.
14 “Ngokuba kunjengomuntu owathi eyakuhambela kwelinye izwe wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe;
15 enye wayinika amatalenta* ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba linye, kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.
16 Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu.
17 Kanjalo obamukele amabili wazuza amanye amabili.
18 Kepha obamukele lalinye waya wemba emhlabathini, wayifihla imali yenkosi yakhe.