29 Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, avame; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
30 Leyo nceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala ngokugedla amazinyo.’
31 “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;
32 kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,
33 imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.
34 “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
35 Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;