32 kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,
33 imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.
34 “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
35 Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;
36 ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’
37 “Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na?
38 Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na?